IQEMBU LEMIGULUKUDU LASEKOKSTAD ENGAFUNI UKUYOFESA LEBA IZIMVU ZABALIMI BESE LIZIDAYISE

Share

Leli qembu lezigebengu kuthiwa lidayisa inyama yesiklabhu esiphelele ngo-R600 kanti emapulazini zibiza phakathi kuka-R1 500 no-R3000.

Abalimi bakhathazeke ngala masela nje, abenhlangano evikela amalungelo ezilwane, iSociety for the Protection of Cruelty to Animals (SPCA) eKokstad, ngeledlule bashaqekile bethola amakhanda eziklabhu ezingu-70 namazinyane azo efile ehlathini.

Okhulumela iSPCA kule ndawo uNkk Sharon de Klerk uthe bathole la mazinyane ehlathini ngemuva kokuba becelwe ngabalimi ukuba baphenye ngokulahleka kweziklabhu zabo ezingu-70 ebezimithi. Omunye wabalimi kule ndawo, uMnuz Guy Bastard, uthe seziphelile iziklabhu zabo zithathwa ngamasela emfuyo aziwayo.

“Abantu abeba imfuyo bayaziwa bayaboshwa kodwa izinkantolo zibanika amabheyili,” usho kanje.

Uphiko lwezokuxhumana lwamaphoyisa akwaSAPS KwaZulu-Natal izolo luhlulekile ukuqinisekisa isigameko sokutholakala kwalezi ziklabhu nokuthi likhona yini icala elivuliwe ngalesi sigameko.

UBastard uthe basanda kulahlekelwa yiziklabhu ezingu-70 zatholwa sezibulewe ehlathini.

“Iziklabhu ezinkulu lezi esikhuluma ngazo ezibiza kusukela ku-R3000 kodwa amasela azidayisa u-R600,” usho kanje. Uthe izigebengu azikwazi ukudayisa iziklabhu ziphila ngoba zesaba ukuthi zizobonakala ngoba zinophawu.

“Kusukela eminyakeni engu-15 edlule, amasela ayazicanasela endaweni yethu silahlekelwa yizigidi zemali. Kunomlimi olahlekelwe wu-R200 000 esikhathini esingangonyaka owodwa ngenxa yamasela emfuyo,” usho kanje.

UBastard uthe maningi amacala asevuliwe, wonke athinta abasolwa ababodwa abaziwayo futhi asebeke baboshelwa ukweba imfuyo phambilini. Uthe iziklabhu zifihlwa ehlathini zigcinwe khona, zibulawa ngoba kukhona othe uyasidinga.

“Abanye abalimi abadayisa iziklabhu sebecabanga ukuliphosa ithawula ngenxa yokuhlukunyezwa amasela. Uma abalimi beyeka umsebenzi lokho kusho ukuthi kukhona imindeni ezolamba amalungu ayo esephelelwe umsebenzi emapulazini ngenxa yabantu abazicabangela bodwa,” usho kanje.


Share

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Translate »