Zishe zangqongqa izingane ebezidlala emotweni endala, eNqabeni

Share

UMphathiswa wezeNhlalakahle esifundazweni saKwaZulu-Natal (KZN) uNonhlanhla Khoza usenxuse amaphoyisa ukuthi angalali engakatholi ukuthi kube yini imbangela yomlilo othathe imiphefumulo yezingane ezimbili eNqabeni eHarding izolo.

Izelamani okungu-Melokuhle Madiya (5) noHlelolwenkosi Madiya (7) bafe ujuqu emuva komlilo oqubuke isigubhukane emotweni eme egcekeni lakhona kwaMadiya (umthombo othe yikwaJombigazi osanda kudlula emhlabeni). Imizamo yokutakula lezi zingane ayiphumelelanga njengoba izicabha zemoto bezingavuleki. Imbangelo yomlilo nayo ayikaziwa.

“Sikanye nomndeni olahlekelwe kulesi sikhathi samanje esinzima kangaka. Kuphula inhliziyo ukuzwa indlela abadlule ngayo emhlabeni, bengakwazi ngisho ukubaleka elangabini lomlilo,” kusho uKhoza. Uqhube wathi ujube ithimba labosonhlalakahle ukuthi beyoluleka ngomqondo amalungu omndeni.

Imeya yoMkhandlu waseMuziwabantu uSiboniso Zungu uthe ushaqeke kabi yilesi sigameko uma ezwa ngaso. Ushiye konke abekwenza waphuthuma khona. Ube esexwayisa abazali nabaqaphi bezingane ngokuthi baboqaphela lapho kudlalela khona izingane ukuze kugwemeke izinto ezifuze lezi.

“Izingozi eziningi zingenzeka emagcekeni emizi yethu nasemakhaya. Izingane ezingaqashiwe zingaba yizisulu zazo lezi zingozi, kungaba yisezimotweni ezindala noma imigodi eshiwe budedengu. Kubalulekile ukuthi izingane ziqashwe ngelokhozi zikhathi zonke,” kusho uZungu.

Amaphoyisa asaphenya ngembangela yomlilo kanti akukaboshwa muntu.


Share

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Translate »