Usale enkundleni okuthiwa ubebalekela amaphoyisa

Share

KUSHONE owesilisa obesolwa ngokuthinteka ekudayisweni kwezidakamizwa engozini yemoto emehlele ezama ukubalekela amaphoyisa.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, kuthe ekuyoshaya ihora le-12 emini ngoLwesithathu amaphoyisa angaphansi kweProvincial Drug and Firearm Unit alandele ukudayiselana okuthile phakathi kwabesilisa ababili eKings Park kulandela ukuncinzwa indlebe ngokuthengiswa kwezidakamizwa.

“Ngesikhathi amaphoyisa esondela kula madoda, omunye wabo ushaye wachitha ngemoto yakhe,” kusho uBrig Naicker.

Uqhube wathi abakwasidlodlo bayihlale ezithendeni le moto kubhekwe ngaseMorningside kwathi ekhoneni lemigwaqo uNorwood noTrematoon Drive imoto kamsolwa yatholana phezulu nenye.

“Owesilisa olinganiselwa eminyakeni yobudala engama-30 ushonele endaweni yesigameko kwathi omunye umshayeli waphuthunyiswa esibhedlela,” kuchaza uBrig Naicker.

Uthe ngenkathi kuseshwa imoto kamsolwa, kutholakale izidakamizwa ezifana nemethcathinone necocaine kwenani lezi-R5000 nemali eyi-R1640 okusolwa ukuthi itholakale ngokudayiswa kwezidakamizwa.

UBrig Naicker uthe amaphoyisa avule idokodo ngokutholakala kwezidakamizwa nokubulala ngokungenhloso.


Share

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Translate »