Seyimnyama inhliziyo kuPremier wase-KZN ungakaqali nomdlalo weCAF

Share

Uthe ezifakela ipost yebhola onguNdunankulu wesifundazwe KwaZulu Natal uMnuz Sihle Zikalala babe bayigxisha ngepolitiki. Abaningi bathi #FreeZuma kodwa abahlekisa kakhulu yilaba abenza ihaba “ngokugankaza” umfanyana okuthiwa “wayewuMtapeni”.

Nakuba asikhipha isitatimende exolisa ngaleso sigameko, kepha abahlali ngathi basamdinelwe. Bamubiza “ngombhonyi”.

Mhlampe leli yihlaya elihle kubalandeli baMakhosi iqembu labo elizobhekana nazingqungqulu zaseGibhithe kusihlwa koweCAF Champions League ngehora lesishiyagalolunye ngokwesikhathi salapha eNingizimu Afrika.

Lomdlalo uzophula izinhliziyo zabaningi njengoba abanye beseka uPitso Mosimane ongowalapha ekhaya kepha oqeqesha i-Al Ahly. Abanye beseka iChiefs, okungokokuqala ingena kowamamnqamu kulomqhudelwano.

Othi siyixoxe ngamascreenshots ๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚


Share

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Translate ยป