Isiphihli sengozi kuvutha iloli emgwaqeni omkhulu

Share

Nhlakanipho Xaba, eHammarsdale

Bangamashumi amane name (44) okusaqinekisiwe ukuthi balimele okubalwa nezingane ezincane engozini eyenzeke ku-N3 Johannersburg Bound, maphakathi nesifundazwe saKwaZulu-Natal.

Abezimo eziphuthumayo bathutheleke kulendawo beyotakuka abalimele bazame nokulawula izimoto. Lengozi idalwe yiloli elithwala uphethiloli.

Ngokombiko wamaphoyisa okwamanje, kuthe uma kushayisana leli loli laphethiloli nemoto kwaba nesibhicongo kwaze kwabangela ukuthi zibe ningi izimoto ezibandakenyayo kulengozi.

Umbiko ophelele uzophuma uma sekwenziwe uphenyo oluphelele.


Share

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Translate »